Liqhakazile ikusasa lentombazanyana yaKwaDukuza

UYolanda Mthiyane oneminyaka eyisishiyagalolunye

 

LIBUKEKA  liqhakazile ikusasa lentombazanyana eneminyaka eyisishiyagalolunye, nokuthe kamuva nje yawina isicoco sozime abancane, esaziwa ngele-Miss Pageant SA, emncitniswaneni buwenzelwe endaweni yaseBallito, KwaDukuza.

Umama kaYolanda Mthiyane, uNkk Sarah Mthiyane, utshele lowo omele i-Eyethu News ukuthi indodakazi yakhe ingumuntu okhuthele kukho konke ekwenzayo. Uthe uYolanda, nofunda ibanga lesine esikoleni iKloof Primary School, waqala ukutshengisa uthando lokuba nguzime ngesikhathi esaneminyaka emine.

Uqhube wathi ngonyaka odlule uYoanda uye wawina isicoco sika-Miss Little Upper Highway, kanti lesi sicoco silandelwe ngesika-Miss Little KZN, nasiwine ngoMarch kulo nyaka.

Njengamanje usewine isicoco sikazwelonke, kanti kulindeleke ukuthi ngonyaka ozayo ayozama ukuwina isicoco somhlaba sozime abancane. Uthe indodakazi yakhe ibuye ibambe iqhaza kwezokugibela amahhashi, kanti futhi ingumdansi wohlobo lwe-ballet ezingeni lesifundazwe. Uqhube wathi akugcini nje ngalokho, njengoba indidakazi yakhe ibuye ibe yivolontiya ekhaya lezintandane iSibusisiwe, endaweni yaseKloof nokuyilapho umndeni usuzinze khona.

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Next Story
Ihlomule ngamathangi amanzi iBhekumusa Primary School