Kukhunjulwe igalelo likaMandoza kowe Road  to MAMA

 

KUBE umzuzu onomunyu nenjabulo ngesikhathi kukhunjulwa iqhaza lesihlabani somculo weKwaito uMduduzi Edmund Tshabalala obedume ngelika Mandoza odlule emhlabeni ngeledlule emcimbini weRoad to Mama obuse Yadini eMlazi izolo ngeSonto.

Lo mcimbi obusezingeni eliphezulu ubuhanjelwe osaziwayo abaningi abaqhamuka ezindaweni ezahlukene lapho kubonakale unesasasa njengoba ubungowokundlalela umcimbi omkhulu wakulonyaka obizwa ngele MTV Africa Music Awards ozobanjelwa eGoli.

Ukudlalwa kwezingoma zale sihlabani esaduma ngazo sibala ethi Nkalakatha, Godoba, Sgelekeqe nezinye kwenze zonke izicukuthwane ebezihambele lendawo zisukume zime ngezinyawo.

Nakuba isimo sezulu besikhombisa ukungabi sihle njengoba belibuye lidedele umkhemezelo wemvula kodwa lokho akubanqandanga abantu ukuba bephume ngobuningi babo ukuza kojabula kulendawo.

Abaculi ekubonakale beshiyelana inkundla kulomcimbi obusezingeni eliphezulu sibala uKyle Deutsch, Anatii, Babes Wodumo, Dj Vumah nabanye

Kulindeleke ukuba amabombo abheke eThe Ticketpro dome lapho kuzosingathelwa khona umcimbi wama MTV Africa Music Awards eGoli zingama 22 Okthoba.

Lo mcimbi obuse Yadini uzophinda uvezwe esiteshini esikhokhelwayo sakumabonakude iMTV Base ekuDStv Channel 130 naku Dstv Channel 322 ngo Okthoba.

Akugcini Lapho njengoba lama Awadi azobe eseGoli azosavezwa kuso lesiteshi esikhokhelwayo ku MTV Base Channel 322 ngo 21:00 zingama 22 ku Okhtoba.

Abaxhasi bama MTV Africa Music Awards abe Goli Tourism ngokubambisana nabe Absolut Vodka ne-Google,Mtn noDStv.

Amathikithi azobetholakala ezitolo zeTicketpros naku website ethi www.ticketpro.co.za elibiza inani lika R250.

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Next Story
Bheka ama-video – Bamise ukusebenza kwedolobha abasebenzi bakamasipala