Uthi igcagcele  esokeni eqokwa kowama –SATMA

UGlama kaMasikandi uthi ukuqokwa kwakhe okokuqala kuma SATMA emkhakheni we Best New Comer kuyamkhuthaza ukujabulisa njalo abathandi bomculo wakhe kulo mkhakha. Isithombe: Mthandeni Madlala.

 

INTOKAZI yomculo kamaskandi engaconsi phansi kulendima edabuka endaweni yaKwaSwayimane ibonge umphathi wayo ethi umkhombise indlela kulo mkhakha njengoba ize yaqokwa kuma South African Traditional Music Awards (Satma).

UNksz Sithembile Nyoka owaziwa ngoGlama kaMaskandi kwezomculo uqokwe okokuqala emcimbini wamaSatma ngaphansi kweBest Newcomer lapho ethembise ukuthi kuningi asazokwenzela abalandeli bomculo wakhe.

Lo mculi oke wathola indondo koweKZN Capital Music Awards waphinda waqokwa kwiBest Composer neBest Female kowaMantshontsho uthi isikhathi sakhe sesishayile njengoba kuzwakala ukufika kwakhe emculweni.

“Lokhu kuveza umsebenzi wami oncomekayo njengoba sengiqokwa kwiBest Newcomer kanti lokho kuyangikhuthaza kakhulu ukuba ngiqhubeke nabantu abathanda umculo wami ngibalethela izingoma abazithandayo,” kusho uGlama.

Lokhu akusho ngesikhathi ekhuluma naleli phephandaba uqhubeke wathi luselude ukhalo ngomsebenzi wakhe njengoba kusekuningi asafuna ukukwenza ukubeka igama lakhe phezulu.

Lo mcimbi ozobanjelwa eRichards Bay zingama 30 Septhemba uphele mhlaka 1 Okthoba kulindeleke ukuba usingathwe ngabantu besifazane kulonyaka.

UGlama ubonge kakhulu kubantu abathanda umculo wakhe waphinda wabonga iqhaza elidlalwe wumphathi wakhe uMnuz Musa Zulu ongumphathi weMaz Herbal.

Uma uthanda ukuvotela lomculi ungathumela umlayezo ngocingo uthi “satma UGLAMA KAMASKANDI BEST NEW COMER” kwethi 34066

 

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Next Story
Basazoqhubeka ngokujwayelekile omalume abalayisha izingane