Izobe iseYadini i-Road to MAMA –Durban

UBABES Wodumo kulindeleke ashaye adume ngazo eYadini eMlazi njengoba izogubha iminyaka eyi-8 yasungulwa ngoMgqibelo.

 

KUBUKEKA kuzoba yimpelasonto ematasa kakhulu eThekwini njengoba kunemicimbi eminingi kulo kwazise kugujwa inyanga yamasiko.

Kule micimbi, obhekwe ngabomvu ngobizwa ngele Road to Mama Durban ozobanjelwa eYadini Lounge ngeSonto lapho lendawo yokuzithokozisa izobe igubha iminyaka eyi-8 yaba khona .

Lo mcimbi uzondlalela omkhulu obizwa ngeMTV Africa Music Awards olethwe ngabeJoburg Tourism okuzoklonyeliswa kuwo amaciko akuleli ozokuba seGoli.

Abaculi abazonandisa ngoweHip-Hop u-Anatii, uBabe’s Wodumo ongaconsi phansi kulezi zinsuku ngengoma yakhe ethi “Wololo,” Kyle Deutsch wengoma “Back To The Beach,” uDJ Vumar, uJunior De Rocka nabanye abaningi.

Amathikithi eRoad to Mama Durban ayatholakala eYadini Lounge, ku 3 Peace Road, eMlazi, abiza u-R150 ukungena.

Amasango avulwa ngo 14:00 CAT. Kuvumeleke kuphela abaneminyaka engaphezulu kweyi 18.

Lo mgubho uzobonakala kumabonakude esiteshini esikhokhelwayo iDstv Channel 130 kuMTV Base (DStv Channel 322) ngo-Okthoba.

 

  AUTHOR
Mthandeni Madlala

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Kuzoba mnandi ukulala namhlanje ebusuku, bese kuba lukhuni ukuvuka kusasa… amakhaza!!