Owesifazane uncoma eyokuzibandakanya kwezemidlalo

Umdlali webhola lomqakiswano i-Netball uNksz Phumelelo Hlongwa (25) kwa- N eMlazi. Isithombe:Sithunyelwe

UMDLALI webhola lomnqakiswano i-netball uPhumelele Hlongwa (25) wakwa N eMlazi uthi kumnandi ukuba ngowesifazane ozibandakanya kwezemidlalo ngoba kumnika ukuzethemba futhi ubanomqondo ovulekile nangezinto ezakhanayo empilweni.netball2
Lona owesifazane osemncane uthi waqala ukudlala inetball esafunda emabangeni aphansi Emthethweni Primary School kwa P ngo 2001 kuya ku-2007 akayekanga, uqhubekile nalomdlalo esefunda Ogwini Comprehensive kuso lesi sigceme.
Uthi uphinde abe yilunga leqembu Umlazi Netball elingaphansi kuka Nksz Gugu Maphumulo okunguyena obaqeqeshayo.
“Ngawuthanda lomdlalo ngabona ukuthi nginekhono lawo, ngazama ukudlala eminye efana nokugijima nebhola lezinyawo kodwa ngagxila kakhulu kwi-netball.”kusho okaHlongwa.
Uqhube wathi: “Kubalulekile ukwenza ezemidlalo ngoba zikukhipha ezintweni ezibhedayo ezifana nokuthi intsha izifaka ezidakamizweni nasophuzweni oludakayo nokuthanda abafana kakhulu”.
Uthi amathemba awasekho ngoba uma usuneminyanga engama-21 kunzima ukuthi ungene kwi-SA Team kodwa kusengenzeka ngoba akwenzeki,useyidlala ukuze azigcine ematasa ngoba uyakuthanda.
“Ngithanda ukugqugquzela izingane ukuba zizibandakanye kwezemidlalo zisesesikoleni ngoba kubalula uma uqale usemncane ukuze ekuhambeni kwesikhathi kuzokuvulela amathuba okuthola umfundaze wokufunda emanyuvesi”, kusho lo mdlali.
Uthi muva nje kade bedlala emiqhudelwaneni iSpar National Netball Championships obusingethwe wuMasipala weTheku eHoy Park ngempelasonto.
Uthi bazilolongela e-Indoor Sports Hall njalo ngoLwesibili nango Lwesine eKing Zwelithini Stadium ngo 4 ntambama. netball4

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceye Autodealer.co.za
Top
Recommended Story x
Owesifazane udunwe imoto phambi kwasekhaya