KUVULWE ISIKOLE KUHLONISHWA UCHABANE

SIVULWE  ngokusemthethweni  isikole sokwakha intsha ekuhlonishwa ngaso owayeyisishoshovu kwezombusazwe  uMnuz Collins Chabane ongasekho emhlabeni. I- Collins Chabane Youth Build School iphrojekthi yeBhodi le- NYDA  ekuhloswe ngayo ukunikezela ngobuholi kanye namakhono kubantu abasha abangamashumi amahlanu (50) abaneminyaka ephakathi kwengu- 18 kuya kwengu -35 abahlala ngaphansi kwamasipala uMsunduzi kanye nakwizindawo eziwuzungezile.

Lesikole sivulwe endaweni yakaDambuza, eMgungundlovu sivulwa nguNgqongqoshe waseHhovisi likaMengameli uMnuz Jeff Radebe. “Kuyangithokozisa ukuzovula ngokusemthethweni lesikole esiqanjwe ngozakwethu kwikhabhinethi ongasekho emhlabeni. Ngikholelwa ekutheni umzabalazo wenkululeko kungukhiye wemfundo engcono,” kuchaza uNgqongqoshe uRadebe.

UNksz Ankie Motsoahae ongumqondisi we-NYDA (Executive Director) uthe lolu wusuku lwentsha luyatshengisa ukuthi izimisele  ngokushintsha impilo yayo. “Lesikole sizokhiqiza ababazi, Mechanics: Boilermaker Technology at NQF level 2 kanye ne- National Certificate in Construction Plumbing, okufakazela ukuthi lentsha engu- 50 iyingxenye yabambalwa  abasenhlanhleni,” kuchaza uNksz Motsoahae.

UNksz Sindiswa Mtambo (20) ongomunye walentsha ebesenhlanhleni uthe ubonga kakhulu kwi- NYDA ngethuba ebanike lona. “Siyathembisa ukuba yisibonelo kulaba abazosilandela. Njengentsha singenza umehluko omkhulu lapha kaDambuza ayi thina esithathiwe kuphela wonke umuntu singaziqalela ngisho namabhizinisi ethu,” kuchaza uNksz Mtambo.

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Next Story
Umele isifundazwe kowonobuhle umfundi wase-UKZN