KUBOSHELWE IZINKAKHA ZOMCULO KUGU JAZZ FESTIVAL

ZONKE  izinhlelo sezimi ngomumo zomcimbi olindelwe ngabomvu kwikhalenda likaqedisizungu laseNingizimu Afrika, we- 10th Annual Ugu Jazz Festival ozoba kusasa (ngoMgqibelo) .

Lomcimbi omuhle kanje uzobanjelwa  e- Ugu Sports & Leisure Centre, Port Shepstone KwaZulu-Natal  uzobe ugubha iminyaka eyishumi ye- Ugu Jazz Festival.  Abahleli, i Cyassound Holdings, sebebuthanise uhla lwabaculi abazobe beyingxenye yalomcimbi owuyingqophamlando.

Esiteji kuzobe kukhona izinkakha esezibuthe izindondo okubalwa u- Zahara, Ringo Madlingozi, Selaelo Selota, Zakes Bantwini, Maleh, Madala Kunene, Nathi, Sipho “Hotstix” Mabuse, DJ Siyanda, Solomon Willy, DJ Muntu Master Blaster, kanye nabanye abaningi.

“Asingenisi abaculi kuphela kodwa  siphinde sibe nabethu abafana no- Naima Kay, owasayinwa emuva kokuba ecule kulesiteji. Siphinde sibe noSbahle,” kuchaza umhleli womcimbi uSiya Msomi.

Abazobe bephethe uhlelo abasakazi boKhozi Fm u Mandla Mdletshe, Mroza kanye noshayela uhlelo lwantambama u Selbeyonce. Usuku luthembisa ukugcwalisa injabulo endabeni zomndeni lapho ama- camp chairs, cooler-boxes kanye nama- braai stands ezobe evumelekile.

Ezokuvakasha zilindeleke ukuba  zithole intuthuko enkulu  kanti  namabhizinisi endawo azozuza izinkulungwane zamakhasimende asezweni lonke alindeleke ukuba atheleke. Amathikithi e- Ugu Jazz Festival ayatholakala e- Computicket ngo- R280 general access, R350 Golden Circle kanye no- R1200 VIP.

“Sikhuthaza abantu ukuba bathole amathikithi isikhathi sisasihle ukuze bagweme ukuphoxeka njengoba kunenani elikaliwe elitholakalayo. Sithanda ukubonga wonke umuntu osisekile kanti siyethemba sizoqhubeka nokusebenzisana. Asisakwazi ukulinda ukuthi sinibone kusasa,” kuphetha uSiya.

IMeya yesifunda sikamasipala  Ugu uNtombifikile Gumede unxuse abalandeli ukuba baziphathe kahle bangayiphindi into abayenza ngonyaka odlule lapho banquma khona ucingo benzela ukuzongena emcimbini. “Sesiqinise ezokuphepha kulonyaka ukuze sigweme okwenzeka ngonyaka odlule. Sahlangabezana nezinselelo ngonyaka odlule lapho lapho sathola abalandeli bedala isiminyaminya  endaweni bengenamathikithi. Sizoqinisekisa ukuphepha kwabalandeli ngesikhathi salomcimbi,” kusho uGumede. Uthe ukuqeda ukusebenzisa amathikithi ngomgunyathi, imingcele  seyengeziwe  ukuqinisekisa ukuthi amathikithi asetshenziswa ngendlela efanele.

 

 

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Next Story
Kuzohlekwa kuze kuvele elomhlathi eMargate