INDIDA KUTHOLWA ISIDUMBU ESINQUNU

 

USADIDEKILE  umndeni wakaNtuli eSweetwaters ngemuva kokuba kutholwe umkhulu wakhona enqunu eseshonile.UMnu Fradric Ntuli (67) utholwe ngoLwesine ekuseni ngenhla komuzi kadadewabo eseshonile enqunu. Ngokuthola kwe- Edendale Eyethu uMnu Ntuli wahamba ngoLwesithathu eye edolobheni nalapho ayethe uyogunda ikhanda ashefe intshebe bese athenge namabhulukwe okugqoka.

Nakuba abantu abaningi bakulomphakathi bekholelwa ukuthi uMnu Ntuli ulunywe izinja kodwa umndeni wakhe uthi usadidekile njengoba abengekho amanxeba akhombisa ukuthi udliwe izinja. “Nakuba izimpahla zakhe zitholwe zidabukile kodwa ubengenawo amanxeba akhombisa ukuthi udliwe izinja, kodwa sesizolinda imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu,” kusho elinye ilunga lomndeni elingathandanga ukudalulwa igama.

Isidumbu sikamufi sitholwe ngezikhathi zokugamanxa kwehora lesine ekuseni, singagqokile kanti futhi akukho okuthathiwe kuyena njengoba nemali itholakale esikhwameni sakhe bude buduzane nalapho kutholwe khona isidumbu sakhe.

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Next Story
Ugwetshiwe owadlwengula isaguga esina 51