Zizobambana kuthule umoya kwi-Comrades Marathon yakulonyaka

Owadla ubedu ngonyaka odlule ezinsizweni uGift Kelehe nosethathwa njengosibali noma umkhwenyana waseKwazulu Natal emva kokucela isihlobo esihle endaweni yaseSigodini eMphithi (Maritzburg). Kanti owadla umhlanganiso kwabesifazane kwaba uCaroline Wostmann.

Umbuzo olokhu ubuzwa ngabantu baseMzansi ikakhulukazi abalandeli bezokusubatha uthi ingabe abagijimi balelizwe bazokwazi futhi yini ukunqoba lomjaho.

Phela uKelehe noWostmann bachaza izwe lonke futhi baphakamisa ifulegi laseMzansi ngeqholo elikhulu ngesikhathi beshaya kuqala intambo nyakenye futhi bobabili bevela eMzansi.

Kulonyaka uWostmann uthi njengoba awina ngonyaka odlule ufisa ukuthi akwazi futhi ukunqoba umjaho walonyaka uzobe wehla ngoba phela uzophelela eThekwini.

Lomjaho uyibanga elingamakhilomitha awu 89km. “Ngingathi mina amalungiselo ami ahambe kahle, chan angikhali ngalutho futhi-ke ngingavuma ukuthi sengilinde usuku olungaliyo, iSonto phela.

Ngiyacabanga ukuthi ukuwina kwami futhi ngalonyaka kuzofeza amaphupho ami ngoba kade ngangifisa ukuwina uma kukhuphukwa (up run from DBN to

Pmb) bese ngibuya nginqobe uma sekwehliwa (down run). Ngamafuphi ngingathi ngizolwelwa ukuwina lomjaho walonyaka ngoba ngifuna ukufeza leliphuphu nokungangiqophela umlando njengomgjimi waseMzansi,”kuqhuba lomgijimi.

Kanti kusobala ukuthi lomsubathi angase abe sethubeni lokuwina futhi ngoba amawele adumo aseRussia u Elena no Olesya Nurgalieva awezi kulonyaka.

UKelehe uthi yena kunzima ukusho ukuthi kuzokwenzeka kanjani kulonyaka ngoba konke kucaca ekuseni ngosuku lomjaho ukuthi uzizwa kanjani.

Kanti akakhali ngalutho mayelana namalungiselelo alomjaho, ngokusho kwakhe zonke izinto ziqhubeke kahle nangendlela ekade kuhlelwe ngayo.

“Kuzoba nzima khona, kodwa nami sengingasho ukuthi sengiwulungele lomjaho kanti futhi angikhali lutho mayelana ngamalungiselelo.

Ngiyojabula uma ngingase futhi ngiwunqobe lomjaho. Nokuthi nje unqotshwe omunye wethu wabagijimi aseMzansi kuyona mnandi,”kusho uKelehe.

Kanti omunye umsubathi ekubhekeke ukuthi angene nabanye phambili noma awudle umhlanganiso uBongumusa Mthembu nowawina ngo 2014 kusukwa eMaritzburg kuyiwa eDurban. UMthembu uyavuma ukuthi uma kusukwa eThekwini kuyiwa eMphithi kuke kungamphathi kahle. “Mina ngincamela i down run futhi-ke ngivamise ukwenza kahle uma kuyiyona.”

Kanti abadla umhlanganiso ngonyaka odlule bama kanje:

2015 Winners of the Comrades Marathon:

Men:

1 Gift Kelehe, South Africa, 5:38:36

2 Mohammed Husien, Ethiopia, 5:46:14

3 Hatiwande Nyamande, South Africa, 5:48:19.

Women:

1 Caroline Wostmann, South Africa, 6:12:22

2 Charne Bosman,  South Africa, 6:33:24

3 Elena Nurgalieva, Russia, 6:40:36

 

 

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Recommended Story
Umphakathi ufuna kumiswe umphathi waseMpofana