Uzoshiya phakathi iComrades Marathon

Lomgijimi ukuqinisekise kulelisonto ngesikhathi ebuzwa ngamalungiselo akhe omjaho omkhulu waminyaka yonke ozobe ugijinywa phakathi kwePietermaritzburg neTheku (Durban). IComrades Marathon yalonyaka izobe isukela eMphithi  ize iyophelela eMdubane ngo May 29.

UChagwe wazakhela udumo ngesikhathi edla umhlanganiso kwiNelson Mandela Marathon (42,2km) okwakungeyesithathu ngamahora amabili namaminithi angamashumi amabili nesikhombisa (2hrs:27 minutes). Emva kokudla umhlanganiso kuningi okwakubhekeke kulomgijimi nokwenza kubukeke sengathi sekumfakele nengcindezi yokuhlala enza kahle kuyoyonke imijaho.

Abanye ongoti bezokusubatha baze baqagule ukuthi ngelinye ilanga uChagwe uyoyingenela futhi ayiwine iComrades Marathon.

Nokho kulelisonto lomgijimi ukubeke kwacaca ukuthi yena uzoyingenela iComrades Marathon kodwa angeke ayiqede ngoba kahle kahle uzilungiselela iCape Town Marathon ezoba eKapa ngoSeptember.

“Njengamanje ngisekhaya futhi ngiyaziqeqesha kanzima phakathi kweBulwer ne Underberg. IComrades Marathon yona ngizoyingenela kodwa angizimisele ngokuyiqeda. Icebo lami ukuphuma uma ngiqeda u-40km ngoba kuzobe kufana nokuthi ngizobe ngiziqeqesha nje. Ongincedisa ngokuziqeqesha noma ngingathi umata wami engijima naye uSlindile Gubese. Ngingathi nje konke kuhamba kahle namalungiselelo angiphathe kahle. Mina umqondo wami ukwiCape Town Marathon ngoba ngifuna ukuyiwina, kwiComrades ngizobe ngiziqeqesha nje futhi ngingabheke lutho kuyo,”kuchaza uChagwe.

 

 

 

 

  AUTHOR
Jerry Barnes

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Ihamba phambili incwadi kaQueen B