Ngokubona Kwami : Izobamnandi ifayineli ye-Nedbank Cup

Ngiyazi ukuthi ebholeni laseMzansi leliqembu leBaroka selithathwa njengofishi abancane abahlale bedla abakhulu. Mina ngokwami ngiyavuma leliqembu yizikhokho ngempela futhi ibhola abalidlalayo limnandi, kanti ambalwa amaqembu akwiPSL adlala njengabo noma angabamela.

Ukuze bafike kuma semi-final badla iPolokwane City ngo 2-0 neLamontville Golden Arrows ngo 2-0. Mina ngokwami ngababongela, kanti neningi labalandeli baseMzansi bebhola babebabaza bengawuvali umlomo ngendlela iBaroka elithinta ngayo. Kuzokhumbuleka ukuthi leliqembu aliqali ukwenza ezibukwayo kwiNedbank Cup. Eminyakeni embalwa edlule bake badlisa kabi ngamapayipi amaqembu afana noKaizer Chiefs kulomqudelwano.

Emva kokuqala ngomfutho wabo ojwayelekile mina ngasho ngangananaza ukuthi sebefike ekugcineni ngesikhathi beba neshwa beqathwa neSuperSport United eqeqeshwa owayeqeqesha iBafana Bafana neKaizer Chiefs uStuart Baxter. Mina ngokubona kwami iqembu lika Baxter aliqayelwa mphako futhi uke uzibuze ukuthi ukuba lomqeqeshi wafika kusakhanya noma iqala isizini ngabe bakude.

Futhi-ke ngingasho nje ngokubona kwami ukuthi iqembu lika Baxter lizohlupha ngesizini ezayo. Ngiyacabanga ukuthi kukhona nenkomishi abangayiwina uma zingekho mbalwa. Mina ngokubona kwami iBaroka idlala kamnandi futhi ngelinye lamaqembu angathintwa kwiNFD futhi sebebheke endleleni eya kwiPSL ngoba sebedinga iwini eyodwa nje vo, kodwa ngathuka kabi uma umqeqeshi wabo uKgokolo Thobejane ethi yena usezibona esekowamanqamu ngaphambi kokudlala neSuperSport United futhi bazowina neligi, ngahleka kancane. Phela ibhola laseMzansi leli, alibhenywa futhi alikhulunyelwa njengengane esazozalwa ngoba phela kusa- kusa ebholeni.

IBaroka FC ihlulwe ukuqonda into encane ebekufanele bayenze, ukuhlonipha obhuti abadala iSuperSport United (PSL), bavale imilomo badlale ibhola, futhi-ke impilo ithi umuntu ozodlala naye noma uzolwa naye kufanele umhloniphe. Kungaba yiphutha eliwubulima ukuthi kukhona umuntu ongabukela phansi amaqembu afana noSuperSport United. Manjeke sekuwumlando ukuthi iSuperSport United idle iBaroka ngo 2-0 ukuze idlale ne-Orlando Pirates yona edle iFree State Stars ngo 4-2.

Mhhhh…ifayineli yalamaqembu womabili izoba mnandi futhi akwaziwa ukuthi iyozala nkomoni. Hhayi-ke bathandwa bami, asibeke lapha inkulumo yethu okwanamhlanje. Nina nje nihlale nibusisekile-Stay BLESSED.

 

 

 

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Recommended Story
Uyavutha unina womfundi olilame eskoleni