UMthethomusha ompetha base-KZN kowe-Danone Nations Cup

Isikole samabanga aphansi iMthethomusha saseMgungundlovu singompetha bebhola be- 2016 KwaZulu-Natal under-12 Danone Nations Cup  kulandela ukunqoba kwabo ngemepelasonto esiphuma kuyo.

UMusa Memela, ongumqeqeshi, uthe i- KZN provincial final yaphikisana ngolaka. “ Izinga lebhola laliphezulu, kodwa kulindelekile uma sicabanga ukuthi bangaki abadlali abanekhono abaqhamuka kulesifundazwe,” kuchaza yena. Kwashaywa amagoli amaningi, okuyinto engajwayelekile kulemidlalo eyimizuzu engu- 20 ubude.

Ekugcineni, iMthethomusha idlale umdlalo ohlelekile, yadlala kahle enkundleni, yadlula kahle yakwazi nokushaya amagoli adingekayo. Ikhono labo lihlukile  kanti bashaye namagoli angu- 22 kumqhudelwano wonke. “Sawina yonke yonke imidlalo yethu ezingeni lesifunda,” kusho uMemela, kanti sakwazi ukushaya esasibhekene nabo, isikole samabanga aphansi iMophela kowamanqamu wezifunda. Sahlulwa lulelozinga ngonyaka odlule, okwasho ukuthi ngeke sisafinyelela kowamanqamu wezifunda.”

Ngokuphumelela kwabo abadlali bakhona bazoya e Boksburg ngomhlaka 25 Juni kumncintiswano wamanqamu kazwelonke,  lapho isikole esizophumelela kowamanqamu sizoya emidlalweni yamanqamu amazwe eFrance ngasekupheleni kwalonyaka.

UMemela wayeyingxenye yeqembu elincane kwi- Maritzburg United FC phakathi kuka- 2003 kanye no- 2009, kanti akakwazanga ukudlalela iqembu  eliphezulu nokwenza wayeka ukudlala wasekhetha ukugxila ekuthuthukiseni intsha. Waqala iqembu lakhe lezingane ezineminyaka ephakathi kuka- 10 kanye no – 17 kanti eminyakeni emithathu edlule wacelwa izikole ukuba azisize. Ngaphandle kowamanqamu kazwelonke uMemela ukholelwa ekutheni kubalulekile ukudlulisa ukuthi abadlali bagxile kumsebenzi weqembu.

“Ngesikhathi sowamanqamu wezifundazwe, ikakhulukazi kwimidlalo esheshayo, abadlali bonke bafuna ukuba semehlweni omphakathi kanti bakhohlwe  amagoli eqembu. Kwakumele ngibanike iongxenye yenkulumo ngaphambi komdlalo owandulela owamanqamu kanti baqhamuka sebedlala njengompetha.”

Manje, uzohlela njengeminye imidlalo yobungani yeqembu ngokushesha. Uzophinda ababeke namakilabhu  ebhola asendaweni lapho izinga lebhola lezinyawo liphezulu. Bonke abafana baphinde badlalele ikilabhu yakhe, manje inendlela eningi yokungena kubona kanti bazozilolonga ndawonye lapho futhi.

IMIPHUMELA

Dinuphuzo Primary 0 vs Sipheni Primary 1

Ithaka Primary 0 vs Sindawonye Primary (red/white) 1

Sinaye Primary 2 vs Delihlazo Primary 1

Kasturba Gandhi School 6 vs Dumile Primary 0

Sipheni Primary 0 vs Ophuzane Primary 5

Sindawonye Primary 0 vs Zandile Primary 3

Delihlazo Primary 0 vs Mthethomusha Primary 3

Dumile Primary 0 vs Inkunzi Primary 3

Ophuzane Primary 4 vs Dinuphuzo Primary 0

Zandile Primary 1 vs Ithaka Primary 2

Mthethomusha Primary 1 vs Sinaye Primary 0

Inkunzi Primary 1(2) vs Kasturba Gandhi School 1(1)

Semifina1 1- Ophuzane 2 vs Inkunzi Primary 0

Semi-final 2 – Mthethomusha Primary 3 vs Zandile Primary 0

Final – Ophuzane Primary 1 vs Mthethomusha Primary 3

 

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Recommended Story
Kunqobe iMophela Primary koweDanone Nations