Ama-Sharks adle iNamibia eKing Zwelithini

Zitholane phezulu kunqoba iCell C Sharks ngo48-18 idla iNamibia kwelombhoxo eKing Zwelithini Stadium eMlazi. Isithombe: Sabelo Ngema

AmaSharks aguqise ngamadolo iNamibia ngomagoli angu 48 kwangu 18. Ngokujwayelekile lenkundla isetshenziswa kakhulu ukudlala ibhola likanobhujuzwayo kodwa lokho luphelile lokho ngempelasonto.

Ukapteni wama Sharks Khaya Majola uthi kube umdlalo onzima kodwa omnandi ngokuhlanganisa izinhlanga ezahlukene zabantu.

“Bekungokokuqala sidlala eMlazi nabantu basijabulele kakhulu sibona abantu befika becula nezingoma okuyinto esingayijwayele nokho, okunye lemidlalo ihlanganisa izinhlaka ezahlukene zabantu, kusho uMajola.

Uthi abanye babadlali bebeqala ukwazi ukuthi khona indawo enjena eMlazi.

Ngaphambi komdlalo obubhekwe abaningi kuqale kwatholana phezulu iToti okuyiqembu labamhlophe ne-Ogwi okungabafana bakuleli lokishi.

Idliwe kabuhlungu i-Ogwini ngo 22-05 ishaywa iToti.

Izingane zesikole saseMlazi Comtech High bezingazibekile phansi zicula amaculo okukhuthaza abadlali enkundleni kukhona nezimbalwa zasOgwini Comprehensive High.

Lemidlalo ihlelwe ngokubambisana nomkhandlu weTheku ngaphansi kophiko lakwa Durban Tourism. Emva komdlalo kwayiwa kwaMax’s Life Style.

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceye Autodealer.co.za
Top
Next Story x
IYMF icijela abafundi kwezobuholi