AbaseMlazi sebekhiphe ifilimu yesibili

AbaseMlazi abasafufusa bathi sebekhiphe ifilimu yesibili ebizwa ngokuthi “Ikusasa Kalaziwa” ephume ngoMashi

ABENZI bamafilimu baseMlazi abasafufusa bathi sebekhiphe ifilimu yesibili emnandi futhi efundisayo ebizwa ngokuthi “Ikusasa Kalaziwa” ephume ngoMashi.

Owenza amafilimu Sithembiso Gcina (27) owaseMlazi kwa- V uthi lefilimu ishuthelwe ezindaweni ezahlukene eziphakathi noMlazi nase-Workshop eThekwini. “Lefilimu imayelana nomuntu obukela omunye phansi engazi ukuthi kusasa kuzokwenzakalani. Ithi ungabombukela omunye umuntu phansi ngoba awazi ukuthi ikusasa likuphatheleni empilweni futhi uNkulunkulu ukhona ngaso sonke isikhathi”,kusho uGcina.

AbaseMlazi abasafufusa bathi sebekhiphe ifilimu yesibili ebizwa ngokuthi “Ikusasa Kalaziwa” ephume ngoMashi

AbaseMlazi abasafufusa bathi sebekhiphe ifilimu yesibili ebizwa ngokuthi “Ikusasa Kalaziwa” ephume ngoMashi

Uqhube wathi: “Ngenkathi sishutha edolobheni abantu babesingungile besibuka silingisa bengaboni ukuthi kukhona osishuthayo osenzela ifilimu”.

Lomlingisi ophinde abe umenzi wamafilimu uthi waqala ukwenza ifilimu yakhe yokuqala eyayibizwa ngokuthi i-OMG (Oh My God) ngo- Agasti 2015 esebenzisana nomshuthi wamafilimu uSphiwe ngoba ewuthanda umsebenzi wakhe wakulo mkhakha.

Uthi usifiso sakhe ukushintsha izimpilo zabantu nokuthi abantu bangalilahli ithemba .
“Engithanda ukukusho kumphakathi ukuthi akukho muntu ongawenzi amaphutha futhi sifunda ngawo amaphutha,”kusho uGcina.

Ababhali balefilimu uPearl Ndlovu, Thamsanqa Mqadi noSiyanda Zwezwe.
Uma ufuna lefilimu, xhumana noSthembiso Gcina kulenamba: 071 704 0729

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Next Story
Asevuliwe amabhishi aseThekwini