QAPHELA : Izithombe zihlasimulisa umzimba : Oneminyaka engu 6 uhlaselwe yimfene

hunting-baboons-in-south-africa-2-640x365 (Custom)

USeluleko Xaba wase Progress Farm kubikwa ukuthi lemfene imhlasele kade ekubo kanti ngokusho kwesitatimende esikhishwe okhulumela ihhovisi likaNdunankulu esifundazweni umnikazi walezimfene nongumnikazi wefamu waxwayisa ngokuthi zingalinge zithintwe.

Ngokuthola kwe-Eyethu lezimfene ziqale ukuhlupha ngonyaka ka 2014 emuva kokuhlanganiswa kwepulazi lezilwane nelihlala abantu.

USunnyboy Zila oyisihlobo noSeluleko ekhuluma ne-Eyethu News uthe ngeviki eledlule ngaphambi kokwehla kwalesigameko bayile kumnikazi wepulazi beyomtshela ukuthi imfene iyahlupha futhi izogcina ilimaze izingane.

3079786131bd80cbfd1e7ca29c04b86a (Custom)

“Iqale ukuhlapha ngoLwesibili samfonela umnikazi wepulazi wafika ehamba nendodana yakhe eyamtshela ukuthi akayidubule lemfene kodwa yena wathi uzodubula eceleni khona izibaleka, ngempela wenza njalo. NangoLwesithathu yaphinde yabuya futhi wafonelwa wafika wadubula eceleni. NgoLwesihlanu ugogo ohlala nabantwana esezoya ePhasikeni wamfonela lomlungu wambuza ukuthi njengoba ehamba nje iphi lemfene ngoba usaba ukuthi ingalimaza izingane engekho waphendula ngokuthi imfene ayisekho.

4c3f72d7a89bf6903bbe9e156361d73c (Custom)

NgoLwesihlanu emini kubikwa ukuthi yafika njengenjwayelo yabe isidonsa lenganyana yomfana yayifukula ibaleka nayo ihambe iyishaya ngezandla. UZila uthe enye ingane eyayisendlini yazama ukusiza kodwa nayo yalimala njengoba lemfene yagadla nakuyona.

UNdunankulu wesifundazwe kulindeleke ukuba avakashele lomfanyana ngoLwesibili esibhedlela i-Edendale lapho ethola khona ukwelashwa.

 

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top