Owe-Hip hop ufuna ukuba yisibonelo entsheni

Umculi we-Hip Hop waseMlazi kwa P uThabiso “Verbal Spitta” Mbambo (17) uzokhipha i-albhamu ngoFebhuwari ngonyaka ozayo. Isithombe: Sithunyelwe

Le-albhamu uthi izobizwa ngokuthi i-‘Young & Restless’ ngoba ungumculi osemncane ngoba abaculi abasebancane bathathwa kancane futhi babukelwa phansi. “Uma sigxekwa kuyangigqugquzela ukuthi ukuthi ngiqhubekele phambili ukuthi ngiphumele. Ngibukela kumculi uTupac noma sewashona nje kodwa umculo wakhe usaphila, ” kusho uThabiso.

Lo mculi ofunda uGrade 12 eMzwamandla High School uthi waqala ukucula ngo 2010 ebukela kumalume wakhe owayelalela kakhulu umculo we-Rap, wayehlezi elalela umculi kaTupac osewashona. Lo mculi uthi ujwayele ukucula ezindaweni ezinjengasedolobheni e-550, nakwimcimbi yaseMlazi eHalfway kwa- AA.
Ungaphakathi kwenkampani eqopha umculo i-Ntwanazi Production.

Uphethe ngokuthi ufisa ukuthi izingane ezincane zibukele kuyena futhi zizitshele ukuthi empilweni kungenzeka noma yini oyifisayo noma ofuna ukuyifeza.

  AUTHOR
Thobile Zwane

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Abantu abadala bafundiswe amalungelo ngezimali zabo