OwasePhilani uzocula kwi-Uvukile Gospel Festival

Umculi wokholo uSenzo Mlotha wasePhilani eMlazi osebonakala kumabonakude sekhiphe-albhamu yakhe yesibili entsha ethi “Ngithwale”. Isithombe: Sithunyelwe

Uthi into amatasa ngayo okwamanje ngamalungiselelo i-Uvukile Gospel Festival ehlelwe isiteshi somsakazo Ukhozi FM ozobe ungePhasika ngomhlaka 27 March ezobe isePort Shepstone.

Lomculi waseMlazi ePhilani ongaphansi kwenkampani yomculo iJojo Communications emenenjwa u- Aphiwe Moses utshele leli phephandaba ukuthi usamile ukusebenza njengothisha eSt James College.
“Kulonyaka ngisamile ukufundisa ngoba i-albhamu yami idinga isikhathi sami sonke ngoba esikhathini esiningi kudingeka ukuba ngibe kude nomsebenzi.”

Lomculi i-albhamu yakhe eyokuqala yabizwa ngokuthi “UJehova Unami” inamaculo angu 11.
I albhamu yakhe yesibili iphume ngoNovemba ngonyaka odlule inamaculo angu-10.
Lomculi usevele kakhulu ezinhlelweni zikamabonakude zowokholo i-Dumisa Special kuDstv, Gospel Gold nasemisakazweni yokholo kodwa uthi maduze uzovela ohlelweni lweGospel Time.

Lomculi ngoJanuwari  kulonyaka  ubonakele  ecula ohlelweni  lakumabonakude  lwezindaba i-Sunrise. Isithombe: Sithunyelwe

Lomculi ngoJanuwari kulonyaka ubonakele ecula ohlelweni lakumabonakude lwezindaba i-Sunrise. Isithombe: Sithunyelwe

Uthi abantu bayawuthanda kakhulu umculo wakhe futhi usekhulile njengomculi.
“Into engiyifisayo emphakathini wami ukuthi bangiseke ngomculo wami ngoba ngisekwa kakhulu abantu bangaphandle ngoba uthando luqala ekhaya.”

Uqhube ngokuthi useGoli bashuthela izinhlelo ezahlukene zomculo wokholo ezobonakala ngePhasika, wathi uma ebuya uzolungiselela ukushutha i-music video yakhe eMlazi.

Uma ufuna ukummema lomculi emcimbini wakho xhumana ne-Jojo Communications kulenamba: 073 6368 951. Noma umlandele kwizinkundla zokuxhumana: Senzo Mlotha

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceye Autodealer.co.za
Top
Next Story x
IMUT ihloniphe uSolwazi Gray ngegalelo kwesengculaza