Ezemidlalo ekuxwayiseni intsha nge-Whoonga nobugebengu

Ngemidlalo ebizwa nge-Community Shield Cup okuyimidlalo ebiyenzeka kokuqala enkundleni yezemidlalo eMenzi kwa N ngoMgqibelo. isithombe:Thobile Zwane

Le miqhudelwano yemidlalo ihlelwe nguBrush Mncadi ongusomabhizinisi wendawo oxhase lemidlalo.“Ngokubona iwadi esikulona ubugebengu busezingeni eliphezulu, sibe sihlala phansi ke nosihlalo wezemidlalo, sabe sesibona ukuthi asibe nosuku lakhona esizoba nesiqiniseko sokuthi aziyanga ewungeni nasema-tavern”.
Usihlalo wezemidlalo kwiwadi 82, uMnuz Gidi Luthuli uthi lemidlalo bayenzela ukuthi intsha igweme izidakamizwa nobugebengu.

Abadlali base wadini 82 eMlazi ngenkathi beqhudelana ngempelasonto. isithombe:Thobile Zwane

Abadlali base wadini 82 eMlazi ngenkathi beqhudelana ngempelasonto. isithombe:Thobile Zwane

“Inhloso yalo mdlalo, indlela yokuthi la emphakathini abantu bakwazi ukuzivocavoca njengoba izidakamizwa nobugebengu kudla lubi. Imidlalo uma isiphelile kukhona izindondo, isiklabhu, neziphuzo amaqembu abizwa ngama VD (Vuku District), iqembu elizophumelela lizokwemuka nazo,” kusho uLuthuli.

Uthi babonga kakhulu uxhaso abalithola kwabezemidlalo nezokungcebeleka ngaphansi kukaMasipala weTheku.
Uqhubeke ngokuthi bebengajabula uma umphakathi kungabakhona okwenzayo ngokuthi usondele ngoba akuzona izingane zabo kodwa ngezawo, ingane yami eyomphakathi.
Uveze ukuthi inhloso yabo wukuthi izingane zazane kangcono, kungabikhona ezibona ingcono kunenye kodwa ziqhambise ukulingana. Lomcimbi ubuxhaswe abakwa King Pie ngokudla kwezingane.
Kulemidlalo bisebenzisana noMnuz Sibusiso Dlamini ongaphansi kwe-CPF okuyinhlangano esebenzisana namaphoyisa.

Imiphumela wemidlalo :
Ivelabahleke vs Umlazi Baker : 3-2

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceye Autodealer.co.za
Top
Next Story x
Uyelulekwa umfundi obanjwe ezama ukuzibulala