Luzogujwa ngeJazz olwezithandani eGroutville

IQEMBU iHeels Over Head kusuka kwesobunxele Rebekah Doty, Mandy Cobbing, Thulile Zama, Nomkhosi Mazibuko and Chillie Stent-Wardell ezobe iseGroutville ngempelasonto.

IHeels over Head iqembu le “Jazz” elaziwa ngokukushiya ufuna impinda uma liphuma enkundleni, selihambele izindawo eziningi ezahlukene eNingizimu Afrika.Kulindeleke ukuba lithokozise abathandi balomculo nezithandani eLuthuli Museum kulempelasonto.

Omunye ocula kuleli qembu uThulile Zama etshela i-Eyethu. “Ngothando ababenalo uChief Albert noMama Nokukhanya Luthuli esizweni lusenze sabona kukuhle ukugubha lolusuku endaweni yabo njengoba uthando ngenye yezinto esibakhumbula ngayo,” Uqhubeke wathi lamaqhawe ayeqhakambisa kakhulu ubumbano nokuzwana esizweni sakithi nokuthula.

Leli qembu lomculo wejazz lasungulwa ngonyaka wezi 2008 linamalungu esifazane amahlanu uThulile Zama, Nomkhosi Mazibuko, Rebekah Doty, Mandy Cobbing noChillie Wardell-Stent.

Iqembu le Ubuciko of Art elishaya ngezinkondko kanye nomculo nalo lizobe liyingxenye yaloluhambo olubheke eGroutville ngempelasonto.

 

  AUTHOR
Mthandeni Madlala

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Kushone 5 kwalimala 3 eBergville