Abaculi baseMlazi bazokhipha iculo nowo-Khozi FM

Iqembu le-Hip Hop laseMlazi i- Musiholiqs, kwesokunxele uMzwandile Ngwenya (21) no Ncazelo Mtolo (21) abaseMlazi kwa G. Isithombe: Sithunyelwe

Labaculi bathi baqala ukucula i-Hip Hop ngo 2013. “Saqala ukwenza umculo ngoba sinothando lwamakhompyutha, nama Software okwenza umculo (uhlelo lokusebenza) sazifundisa saphinde safundiswa u Dj Lusiman ogama lakhe langempela uMelusi Khanyile.”

Leliqembu linamalungu amabili okungu Ncazelo Mtolo (21) ofunda e-University of Johannesburg (UJ) wenza izifundo ze-Computer Science unyaka wesibili no Mzwandile Ngwenya (21) ofundela ugesi eCoastal College kwa V eMlazi.

Labaculi bathi banenkampani yabo yokuqopha umculo ebizwa nge ‘First Class Music’ abaziqalela yona bobabili.

Leliqembu lithi laqala ngokuthi baqale ukukhipha amaculo abo ngabodwa kuze babone ukuthi iluphi uhlobo lomculo abawenzayo ngoba babenza izinhlobo ezahlukahlukene.

“Siqala ngokwenza igqomu emva kwalokho sacula ngamaphimbo ethu.”
Bathi bakhiphe i-Albhamu yabo yokuqala ebizwa ngokuthi “Something Unknown” ngo Julayi wonyaka odlule eyayinamaculo angu-14.

Labaculi bathi okwamanje basebenzisana neqembu elaziwa nge-New Team lase Nanda elisayine ngaphansi kwenkampani i- Afrotainment bazokhipha ingoma ethi “Nobabili” okuyibona abalididiyelile leliculo.”

Basebenze nabaculi abadumile okungo Dj Nko, Dj Lusiman ne Big Nuz.
Labaculi baphethe ngokuthi bafisa ukuba iqembu elikhulu elaziwayo eNingizimu Afrika nasemhlabeni jikelele.

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Next Story
Konakele elokishini eMbali