Isililo ngoCele weMaritzburg United

UMondli Cele oshone engozini yemoto ngeSonto ekuseni.
UMondli Cele oshone engozini yemoto ngeSonto ekuseni.

UMondli ‘Sgora’ Cele (27) kubikwa uhluleke ukulawula imoto kade engase Alexandra Park yabe isiphaphalaza yayongena emfuleni uMsunduzi. Abosizo oluphuthumayo bakwa ER24 babike ukuthi bafike endaweni yesigameko abantu ababili abebesemotweni besavaleleke phakathi.

“Ngokusizwa umuntu obedlula ngendlela sikwazile ukuthi sikhiphe umshayeli emotweni kuqala.  Sibe sesizama ukumsiza ukuba aphefumule wabe esephuthunyiswa esibhedlela, ngebhadi ufike washonela khona esibhedlela.”

IMG_2873 (Custom)

UDelisile Ngwenya naye oshone kulengozi

Kuyona lengozi kuphinde kwashona nentatheli yezemidlalo yesifazane yakwa SABC uDelisile Ngwenya. UNgwenya kubikwa ukuthi ubengomunye wabesifazane abathathu abebesemotweni noCele. Abanye ababili bakwazile ukuthi baphume emotweni babe sebephuthunyiswa esibhedlela ukuyothola ukwelashwa.

Ezinkundleni zokuxhumana abantu abaningi bazwakalise ukushaqeka kwabo ngokudlula emhlabeni kwalomdlali. Lokhu emuva kokuthi ebe nomdlalo omuhle njengoba ngoMgqibelo ebusuku kade bedlala neqembu le-Orlando Pirates eHarry Gwala. UCele uyena ovulele iqembu lakhe inhlanhla njengoba efake igoli lokuqala kulomdlalo ogcine uphele ngo 3-3.

Amaphoyisa asaphenya imbangela yengozi.

 

 

 

 

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Recommended Story
IMG-20161128-WA0002
UsenguDotokotela obaziwa ngoPastor