Kube nokudideka ngengoma ehlukanise unyaka

Kwesokunxele uClerment “Kwaito” Moasa, Tracy Makhanya waseMlazi no Pearl Modiadie wohlelo iZaziwa kuSABC1

Iningi labantu belizitshela ukuthi ingoma ka Dj Bongs ethi Ofana Nawe iyona ephume phambili kanti lutho.

Okwenza bacabange kanjalo ukuthi lengoma yadlalwa ngesikhathi kuhlukana unkaya kwabonakala wonke umuntu ejabula kanye naye loDj edansa phambili esiteji kanye noDj Tira.

Ingoma ehlukanise unyaka oKhozini FM kube eka Dj Naves no Spectacular ft Professor ethi Cishe ngafa.

Abanye ababekhona uNdunankulu wesifundazwe saKwaZulu Natal uMnuz Senzo Mchunu owathola ithuba lokubingelela abantu kanti nemeya yeTheku yayikhona kulomcimbi owawusezingeni eliphezulu ngokuhleleka.

Abaphathi bohlelo kungu Pear Madiadie wohlelo iZaziwa kuSABC1 ngoLwesine beno Clerment “Kwaito” Moasa umdlalo wochungechunge iSkeem Saam.

Ngosuku olulandelayo iEyethu iphinde yatheleka futhi eMgababa Beach Festival mhlaka 01 Januwari kunyimfika.

Okuqaphelisekisile ukuthi izinga lokuhleleka belithanda ukwehla uma uqhathanisa nangonyaka odlule nabaculi behlaliswe endaweni engekho ezingeni eliphezulu.

Engekho umuntu ozokuthatha akubeke endaweni ekufanele. Izihlwele zijabulele ukubona uDj Merlon beno Mondli Ngcobo abafike bashukumisa inkundla.

Mondli Ngcobo eMgababa Beach Festival

Mondli Ngcobo eMgababa Beach Festival

Kulemicimbi yomibili abantu bebebulala inyoka.

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Next Story
Bakhishwe phambili abebesolwa ngokudayisa insangu esikoleni