Uzoklwebha amapuleti eSouth Coast uDJ osemncane

UDJ Arch Jr.

UMKLWEBHI wamapuleti wokuqala osemncane uDJ Arch Junior  uzobe ejabulisa ontanga yakhe zingama-26 December nonyaka. Lomfanyana owazenzela ugazi emqhudelwaneni iSA Got Talent ogama lakhe langempela lingu Oratilwe Hlongwane uzobe edlala emcimbini ozokwangulela iHibiscus Coast Beach Festival, emini lapho kuhlelwe khona iFamily Picnic.

Lendumezulu yomcimbi eba minyaka yonke izobe iseSt Michaels Beach ngaseMargate ePort Shepstone

Abahleli balomcimbi bathi emini kuzoba isikhathi esizonikezelwa kubazali nemindeni lapho kuzodlalwa khona imidlalo enhlobonhlobo. Sizoba norisho, kosiwe inyama, kudlalwe amajumping castle nokunye okuningi kokujabulisa abantwana.

Kanti konke lokhu kuzobe kwenzeka mahhala. Bese kuthi ntambama ngehora le-5 abantwana badedelwe kuqale okwabantu abadala kushe ingoma kuze kulamule ihora le-11 kusihlwa.

 

  AUTHOR
Thami Nkosi

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Ubethembisa amanoni ejazz uNina