update


Iwine indebe yemeya iGolden Arrows

ILamontville Golden Arrows ibijabulela indebe yabo.

UBUNGEKHO umfutho obulindeleke ezinkundleni zase-Ugu Sports and Leisure Centre ngoMgqibelo, ngesikhathi kunemidlalo yeMayoral Cup.

Njengoba bekulindeleke ukuthi kugcwale phama kulenkundla, kanti nasezitolo amathikithi bekuthiwe asephelile kodwa izihlalo eziningi bezingenamuntu enkundleni. Lapha bekuzodlala amaqembu ebhola aphezulu eqhathwe neqembu lamasipala iHCM Invitational Team.

IMG_5659 (Small)

Lemidlalo iqale ngehora le-9 ekuseni, kwaze kwaba ntambama. Isimo sezulu naso besingekho sihle. Kugcine abantu sebegoduka, beshiya kusadlalwa.

Yize kube nalezithikamezo, bebekhona abakade bezijabulele, bengenankinga yezulu nokungapheleli kwamaqembu. Iqembu leLamontville Golden Arrows eliye kumkhumulajezi neqembu laMaZulu liphume phambili, lathola indebe yemeya. IGolden Arrows iwine ngamabili kwelilodwa.

  AUTHOR
Fundiswa Mzobe

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
UMasipala waseMdoni usuqoke ibamba-mphathi