Uzihambele yedwa owaseLesotho kowe Mandela

UMatola Makhetha owine umjaho weminyaka yonke we-Mandela Marathon.

BAHLWITHWE isicoco abasubathi basezweni lase Ningizimu Afrika kumjaho waminyaka yonke iNelson Mandela ngenkathi abasubathi abaqhamuka emazweni angaphandle bezigwazela ibhece.

Lomjaho wamabanga angu 42 usuka ehholo lase Manaye uphothulwe e-Nelson Mandela Capture site eLions River eHowick kanti unqotshwe yinsizwa yase Lesotho u Matela Makhetha (28) Phantane A.C ngesikhathi sika 2:28:17. UMakhetha uhlulekile ukuba aphule irekhodi lika Thobani Chagwe owanqoba lomjaho ngonyaka owedlule.  Unqoba nje ubelandelwa ngu Sufa Chala Damessa wase Ethiopa  2:28: 27 olale isibili kwathi  Sikhumbuzo Seme 2:29:40 ogijima ngemibala yaKwaTransnet walala isithathu.  

UMakhetha uthe nakuba ingeminingi imijaho aseke ayingenela  kodwa lokho akusho ukuthi uyivukane  kulendima. Uthe muva nje uke wabamba iqhaza kumjaho webanga lika 42 obusezweni lase Nerthelands lapho elaliswe khona isine.

“ Ngivovekile. Lomjaho  weMandela ubalulekile kumina kakhulu. Ngizizwa ngijabule kakhulu,” kuchaza u Makhetha.  Uthe ubunzima balomjaho bulethwe umzila uumkhulu ikakhulukazi kwintaba edume kakhulu njenge struggle hill kanye nelanga ebelikhipha umkhovu etsheni.

USeme uhlomule ngo R25 000 uphinde wanyelwa inyoni esandleni njengoba egixabezwe nge bhonasi yemali engu R10 000 yokuba ngowokuqala wase Ningizimu Afrika ukuba afike ekhaya.

Kwabesimame kugiye uSelam Abere Alebechew  2:52:28 ogijima ngaphansi kwemibala ye Nedbank.

UMakhetha uthe uzimisele ngokuba angenele umjaho waSoweto Marathon nawo odonsa abasubathi abaseqophelweni eliphezulu. Kuza kulomjaho bekubhekwe ngabomvu abasubathi abanohlonze bakuleli  abahluleke bancama ukuphuma phambili. Laba subathi kubalwa u Ludwick Mamabolo olale unombolo 26.

Ngaphandle komjaho wamabanga  ka 42 wamakhilomitha kuphinde kwaba khona eminye iminxa okubalwa eka 21 kilomitha kanye no 10 wama khilomitha. Kuyoyonke lemijahho bekukhona abasubathi abevile ku 8000.

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Next Story
Ukuphindile  loko kuma-KZN Capital Maskandi Awards