Ithuba kwabafuna ukucula kwi-Joyous Celebration

IQEMBU elidumile kuleli lomculo wokholo, i-Joyous Celebrations lizoba nenhlolokhono eThekwini ezoba yingxenye yekhonsathi layo kulelidolobha kulonyaka.

Leliqembu kulindeleke ukuba licule amaculo amasha akwi-albhamu yalo yesi 19 entsha esihloko ngokuthi iBack to the Cross kusukela mhlaka 31 kuJulayi kuya kumhlaka 01 Agasti e-ICC eThekwini.

Abafisa ukuba yingxenye yalenhlolokhono bangabhalisa ngokuthumela iSMS enegama, i-ID numba, bese besho ukuthi babhalisela ukucula okanye uyashaya i-intsrument bese besho ukuthi banekhono ekushayeni yiphi i-instrument. Le-sms bayithumela ku 38054 kanti Ibiza uR10 ngayinye.

Abazozama inhlanhla kufanele beze ne-refrence namba abazoyithola uma beqeda ukubhalisa. Ukuthunyelwa kwama-SMS kuzovalwa ngo 4 mhlaja 24 kuJulayi kanti abakhethiwe bayokwaziswa ngenyanga ka Septhemba.

“ Abantu baseThekwini kufanele balindele ukubona into yamehlo kulezinsuku ezimbili. Sikulangazelele kakhulu ukutshengisa abalandeli bethi ithalente elisezingeni lomhlaba, sifuna bahambe bebusisekile,” kusho uJabu Hlongwane.

Kulekhonsathi kuzobe kukhona nomqhulili wamahlaya u-Elton Mduduzi Ntuli. Amathikithi adayisa uR200 eComputicket.

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Recommended Story
Bafuna ukwazi ngekusasa le-Harmony Heights