Isililo kudlula emhlabeni owamaSoul Brothers

IYAQHUBEKA nokungena imiyalezo yendunduzo evela kubalandeli emhlabeni wonke jikelele emva kokushona kwengqalabutho emculweni wombhaqanga uDavid ‘Mdavu’ Masondo (67) weqembu lamaSoul Brothers ngeSonto esibhedlela saseGoli.

UMasondo kubikwa ukuthi ubesegule isikhathi eside ephethwe yizinso kanti ubesechithe isikhathi esingangenyanga esibhedlela emva kokukhombisa ukungaphatheki kahle mhlaka 30 kuMeyi kade beyocula ePiort Elizabeth.

20008_10153383005378116_2003725246309716127_n (Custom)

 

UNgqongqoshe wezoBuciko namaSiko kuleli uNathi Mthethwa udlulise amazwi enduduzo emndenini, “Sithanda ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini wakwaMasondo, kubangani, kanye nawo wonke umuntu osemkhakheni wezobuciko ngokudlula emhlabeni kwaleliqhawe. Hamba kahle Nyambose, Qhawe lamaqhawe! Uyibekile induku ebandla”

Iqembu lama Soul Brothers lisungulwe ngonyaka ka 1974 kanti linama albhamu angu 30 esewonke adayisa amakophi angu 3 million umhlaba wonke. Laduma ngezingoma ezifana no ‘Mama ka Sbongile’, ‘Sthothobala’, Kanti abalandeli bama Soul Brothers ezinkundleni zokuxhumana bazwakalise ukudumala kwabo ngokudlula emhlabeni kwalenkakha.

  AUTHOR
Nokthula Khanyile

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Uvalo kubagibeli bamabhasi