Kuzodunyiswa kwi- Ugu Jazz Festival

 I-Ugu Jazz Gospel Festival ibuyile kanti ikhule kakhulu kulonyaka njengoba izoba nobusuku bonke bendumiso kanye nomthandazo ngaphambi kwezinsuku ezinkulu. Lokhu kuzoba ngubusuku bonke bendumiso e-UGU Sports & Leisure Centre mhlaka 20 Juni 2015. I-Ugu Jazz Gospel Festival yakhelwe njengenkundla yawo wonke amabandla ukuthandaza nokubonga uNkulunkulu lapho simema wonke amalunga omphakathi ukuba ahlanganyele ndawonye azothandaza aphinde adumise uNkulunkulu ngaphambi komcimbi omkhulu waminyaka yonke wo-Ugu Jazz.

Uhlelo lwe-Ugu Jazz Gospel luzoqala ngehora lesi-6 ntambama kuze kubesekuseni ngosuku olulandelayo. Umqondisi wohlelo lwasebusuku kuzoba nguSbu Buthelezi woKhozi Fm elekelelwa ngu-Ms Mbali Mbhoto womsakazo iSunny South. Abantu bazoyithokozela indumiso kanye nothando oluqhamuka kwizinkakha zomculo wokholo: Sfiso Ncwane, Sgwili Zuma, Thina Zungu, Dumi

Mkokstad, Hlengiwe Mhlaba, Betusile, Mthunzi Namba, Soul Seeds, Thulani Ga Ndlela, God’s Messengers kanye nabanye abaningi. Amazwi kaNkulunkulu azoqhamuka kuMbhishobhi Vusi Dube, uMphrofethi Msimang, uMbhishobhi Nkambule kanye nabaningi abefundisi basendaweni.

Amathikithi aseyatholakala eComputickets ngo-R80.00 ajwayelekile, R200 VIP kanti amathikithi ajwayelekile azodayiswa ngo-R100.00 esangweni. Sizobesithandaza siphinde sidumise ngaphambi kwe-9th Annual Ugu Jazz arts and Culture Festival ezoba mhlaka 26 kanye nomhlaka 27 Juni e-Ugu Sports kanye nase Leisure Centre ePortShepstone. Abaculi abazobe bekhona kubalwa:  Sbongile Khumalo, Zama Jobe; Lira, Ringo Madlingozi, Vusi Mahlasela, Jimmy Dludlu, Thandiswa Mazwai, Judith Sephuma, Zakes Bantwini, Beatenberg, The Soil, Zama Jobe, Naima Kay kanye nabanye abaningi. Amanani amathikithi angomhlaka 26 June abiza u-R200.00 kuphela kanti mhlaka 27 Juni amathikithi azobe ebiza kanje: Ajwayelekile – R280.00; Golden Circle- R350.00 kanti ama- VIP- R900.00.

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Next Story
Uzihlangula kweyokushoda kwamanzi esibhedlela uNgqongqoshe