Zizobuya kwi-Ugu Jazz Festival

LONA umcimbi  ohlelelwe  ubusuku bonke wokuzijabulisa ngomculo waseNingizimu Africa, umcintiswano wesicathamiya. Ugu Jazz  Arts and Culture Festival akuwona owohlobo olulodwa lomculo . Ugu Jazz Is’cathamiya Festival, ihlelelwe kumasipala uMzumbe enkundleni yezemidlalo kwaMpisane ngomhlaka 13 Juni ku-2015.

Eminyakeni yayo emine ekuqalweni kwayo (2011 – 2014) izifunda zonke bezibambe iqhaza esifundazweni saKwaZulu Natal. Yathola udumo ezweni lonke – yaqopha umlando wamaqembu angu-27 esifundazwe sase-Goli ngo-2014 kanye nayisikhombisa ase-Eastern Cape, kanti angu-40 kaNobuhle noSwenka aqhamuka ezifundazweni ezahlukene , kubalwa iGoli.

Ukukhethwa kwamaqembu esicathamiya kumi kanje: X20 amaqembu asesifundazweni saKwaZulu Natal – amaqembu angu-10 azokhethwa kuMasipala wasekhaya uMzumbe kuphela. X5 Amaqembu akwezinye izifundazwe Oswenka kanye noNobuhle nabo bazobe bencintisana emikhakheni ehlukene. Amanani angu-R45 000.00. Inani lokungenela loNobuhle kanye noswenka lingu R50.00 kanti isicathamiya singenelwa ngo-R100.00 iqembu ngalinye. Amasango azovulwa ngo-6:00 ekuseni, amathikithi adayiswa endaweni ngo-R30.00.

Amaqembu athandayo kanye nomuntu ngayedwa angafonela uMnuz Vincent Danca ku-073 434 2447. Lokhu kungokunye ukwakha komcimbi okuthandwayo kwe-Ugu Jazz yesi-9 kanye neCulture Festival ezoba ngomhlaka-26 kanye nomhlaka-27 Juni e-Ugu Sports kanye nase- Leisure Centre, e Port-Shepstone. Abaculi abazobe bekhona kubalwa : Sbongile Khumalo, Lira, Ringo Madlingozi, Vusi Mahlasela, Jimmy Dludlu, Thandiswa Mazwai, Judith Sephuma, Zakes Bantwini, Beatenberg, The Soil, Zama Jobe, Naima Kay kanye nabanye abaningi. Amanani amathikithi ame kanje: Ngomhlaka 26 Juni, amathikithi azodayiswa ngo- R200.00 kanti ngomhlaka 27 June, Amathikithi jikelele  azoba ngu- R280.00, Golden Circle- R350.00 kanye  VIP- R900.00

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Next Story
Itholwe isaphila ingane ebigqitshwe unina iphila