Zizobuya kwikhonsathi yoGu

ULira omunye wabaculi abazonandisa ekhonsathini yoGu Jazz Festival

IZINGWAZI zomculo weJazz zizoshiyelana inkundla  kwindumezulu yomcimbi waminyaka yonke owaziwa ngokuthi Ugu Jazz Festival ozoba  mhlaka 26 no 27 kuJuni.

Umcimbi walonyaka uzoshaya ngolunye uhlelo oluhehayo kakhulu ngezinhlelo zezinsuku ezimbili. Kulonyaka kuzoqala umcimbi wezintokazi ‘Divas Concert’ ozoba ngomhlaka 26 bese kulandele ozoba ngomhlaka 27 lapho kuzobe kukhona iziteji ezimbili zokuphefoma ngobusuku obubodwa ukuphelelisa izinhlobo ezehlukene zomculo.

Lomcimbi uzoba seLeisure Centre ePortshepston. Abaculi abazobe bekhona kubalwa uZama Jobe, Naima Kay, The Soil,Ringo Madlingozi, Lira kanye nabanye abaningi.

  AUTHOR
Intatheli ye-Eyethu

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
UMasipala waseMdoni usuqoke ibamba-mphathi