Kuzovalwa inyanga yothando ngomculo e-PMB

BAZOBHEMA bakholwe abathandi bezobuciko baseMgungundlovu njengoba ngoMgqibelo mhlaka 28 February e-Alexandra Park  kuzobe kunendumezulu yomcimbi ozobe uphakela ngomculo weJazz kanye nezinkondlo.

Ngokusho kokhulumela inkampani yezokuXhumana iToffee Communications uNksz Pretty Olifant lomcimbi obizwa ngele ‘PMB Got Love’ uyindlela yokugqugquzela kanye nokuqhakambisa ithalente lakulelidolobha.

“Lomcimbi ugqugquzelwe kakhulu ithalente lakulelidolobha. Uyindlela yokuthi sitshengise amaciko ethu ukuthi siyawathakasela futhi asikho isidingo sokuthi abhungukele kwamanye amadolobha amakhulu uma efuna ukuthuthuka.”

UPretty uthe kulomcimbi kuzobe kuboshelwe uKhethi Ntshangase oyintandokazi yomculi weJazz waseMgungundlovu kodwa osezinze eGoli kanye no Themba Mokoena oyinkakha uma kuza ekushayeni isigingci.

“UThemba ungowalapha eMgungundlovu eSobantu kepha esehambele amazwe amaningi eshayela isigingci abaculi abafana no Sbongile Khumalo kanti wafundisa nabaculi abafana no Jimmy Dludlu no Selaelo Selota.”

UPretty uthi inhloso yokuletha kwabo labaculi ukuthi bafuna amaciko akulelidolobha abone ukuthi ungahlala eMgungundlovu uma uyiciko futhi uthuthuke.

Kulomcimbi kuzophinde kuboshelwe izimbongi kanye nabanye abaculi bakulelidolobha. Kulindeleke ukuba kuhaye izimbongi ezine, kube namaqembu omdanso kanye nabaklwebhi bamapuleti abazonandisa. Nemfashini izobe idle lubi njengoba kuzoba nesiqephu sokukhombisa ngemisiko eyehlukahlukene.

“Abantu bazothola ithuba lokuthi bathenge imisiko uma kukhona abakuthandile kwi-fashion show.”

Oka-Olifant uthe lomcimbi uyindlela abazama ngayo ukusabalalisa ngayo uthando kulelidolobha.”Ngaphandle nje kwazo zonke izinto esezibaluliwe ezizobe zenzeka sizophinde sibhale izincwadi ezincane zothando, sibhalele labo abagulayo abalele ezibhedlela. Lezincwadi sizozisabalalisa esibhedlela i-Edendale.”

Umcimbi uzoqala ngo 10 kuya ku 5 ntambama kanti emnyango kungenwa mahhala kodwa kufanale uphathe amathoyizi, izincwadi okanye uTeddy Bear abazonikelelwa amakhaya ezintandane.

Ngeminye imininingwane mayelana nalomcimbi ungashayela uPretty ku 0723796318 okanye uye ekhasini likaFacebook elithi Hot Toffee Communications noma umthumelele i-email ku hot_toffee@ymail.com

 

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Recommended Story
Kusolwa imali yesondlo ngoqhekeko emndenini