Ubizelwe kuBafana Bafana owasoGwini

Umdlali weqembu lesizwe u-Ayanda Gcaba ongowokuzalwa eGamalakhe, ubiziwe ukuba ayodlala emidlalweni ye-African Cup of Nations.

UMDLALI webhola lezinyawo u-Ayanda Gcaba ongowokuzalwa eGamalakhe usebizwe ngumqeqeshi weqembu lesizwe uShakes Mashaba ukuba abe yingxenye yalabo abayophakamisa ifulegi laseNingizimu Africa ezweni laseEquatorial Guinea, emidlalweni yendebe yomhlaba ezoqala ngempelasonto ziyi-17 kuyo lenyanga.

Exoxa nephephandaba uthe ubengalindele lutho ngesikhathi ethole ucingo oluphuma kumqeqeshi, kanti okuhle wukuthi uzophakamisa ifuleki lesizwe, lesifunda kanye neleLower South Coast.

“Indawo engisuka kuyo iyona njalo engihlale ngiyibeka phambili kuko konke engikwenzayo. Njengamanje ukwesekwa engakuthola ngisagijima neqembu leGamalakhe United, yikona okungenze ngagcina sengidlala eqenjini leOrlando Pirates. Yiko futhi nokungenze ngaba ngomunye wabadlali abazobamba iqhaza ekudlaleleni iqembu lesizwe,” kusho uGcaba.

Uqhuba athi uziqhenya kakhulu ngendawo azalelwe kuyona. Uveze nokuthi ubezitshela ukuthi uzoke azothi ukugoba amadlangala ekhaya ngaphambi kokubuyela ekuzilolongeni neqembu lakhe.

Umdlalo wokuqala weNingizimu Africa nezwe lase-Algeria uzoba ngoMsombuluko ziyi-19 ngehora le-9 kusihlwa.

  AUTHOR
Thami Ka-Nkosi

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
UMasipala waseMdoni usuqoke ibamba-mphathi