Usethi khumu ebholeni uMahlangu

UMDLALI owayeyisihlabani seBafana Bafana uJabu Mahlangu sekumenyezelwe ukuba usethi khumu emdlalweni webhola.

Lesimemezelo sikhishwe iqembu abeligijimela iSuperSport United, kuzokhumbuleka ukuthi leliqembu libuyise lomdlali ngonyaka odlule emva kwezincomo zomqeqeshi walo uCavin Johnson.

Lomdlali odume ngelika ‘Shuffle ‘ kulindeleke ukuba abe yinxusa yaMatsatsantsa kusukela manje. Ngokusho kowezokuxhumana kwi-SuperSport uKoketso Gaofetoge kade ekhuluma nabe Kickoff uthe leliqembu lizocacisa konke ngekusasa likaMahlangu kusasa.

Kodwa okhulumela leliqembu uDavid ‘Mazolman’ Skhosane ukuqinisekisile ukuthi uMahlangu esethi khumu kwezebhola.
“UJabu angeke esayigijimela iSuperSport. Usethathe umhlalaphansi ebholeni kodwa usazoqhubeka asebenzele ikilabhu kwelinye izinga,” kuchaza uSkhosane ekhuluma nabe KickOff.

Phakathi kwamaqembu ake agijinyelwa ilomdlali oneminyaka engu 34 ubudala kubalwa iKaizer Chiefs, Orlando Pirates, Plantinum Stars.

 

  AUTHOR
Intatheli ye-Eyethu

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
BUKA: Inhlekelele yedlule nemiphefumulo yezelamani