Wale uBoity ngenxa yezithombe ezinqunu

IZITHOMBE ezimveza ubuyena abezifaka ezinkundleni zokuxhumana zisolwa njengembangela yokugqabuka kwefindo othandweni lukaBoitumelo ‘Boity’ Thulo nobeyisoka lakhe uGreg Borowsky.

Ngokubika kwephephandaba eligxile kakhulu ezindabeni ezithinta osaziwayo iSunday Sun liveze ukuthi isoka likaBoity ngeledlule linqume ukubuqeda ubudlelwano balo bezothando nalentokazi.

 

UGreg Borowsky ocula nebhendi i-GB Collective kuthiwa unqume ukubhungukela eMelika emva kokuhlukana nalentokazi okuthiwa ubehlale eyikhuza ukuthi ayihlukane nalo mkhuba wayo wokufaka izithombe eziyitshengisa ubuyona kuTwitter naku-Instagram ngoba iyamhlaza.

UBoity okumanje useBrazil uhambele imidlalo yeNdebe yomhlaba kuthiwa ukuhlukana kwakhe noGreg kumphule inhliziyo kangangoba akazange abonakale ngisho uGreg esenzelwa iphathi yokumvalelisa eMoyo ngesonto eledlule.

Ebuzwa ngalolu daba uGreg uthe: “Mina noBoity siyohlezi singabangani abakhulu. Ngicela nikuhloniphe lokho.”
Imenenja kaBoity, uVusi Leeuw, uthe uBoity akekho kuleli wathi akathandi ukukhuluma ngempilo yangasese yekhasimende lakhe.

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceye Autodealer.co.za
Top
Next Story x
Bazobhema bakholwe edilini lomculo kwi The Sensations kwaNogqaza, eHowick