Bazitike ngokuhleka kwi-Ugu Jazz Comedy Show

Baphelile insini abebekade bekwi Comedy show ebise Ugu Sports and Leisure.

BAHLEKE  kwaze kwabuhlungu izisu abebethamele amahlaya ehholo lasenkundleni i-Ugu Sports and Leisure Centre ngoLwesine, lomcimbi ungenye yehleliwe ukubhulela amazolo ifestivali yeJazz kusasa.

Amahlaya abedilika nxazonke zithelekile izihlabani zamahlaya kanti kuphinde kwabonakala osomahlaya abasha ababonakala bezoyishubisa imboni yamahlaya nedonse inqwaba yabantu. USiyanda Maphumulo no Ndlebe ababonakale cishe okokuqala kwizethameli zoGu uthathe izinhliziyo zabaningi kanjalo noNzuzo ele waseMthwalume wenze adume ngazo kwajabula izihlwele.

UJustice Kubheka, Felix Hlophe no Mondli Mzizi benze izethameli zazizwa zisekhaya kumahlaya. UFelix Hlophe owaziwa ngamahlaya akhe agedlezelayo uvale lendima ngegiya eliphezulu.

Umphathi wohlelo uPhumulani Gumbi uqhulule awakhe amahlaya bangena osomahlaya sekufudumele.

  AUTHOR
Bhekinkosi Mbhele

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
UMasipala waseMdoni usuqoke ibamba-mphathi