Qhude manikiniki zindala zombili

ZIQHUTHANE amakhizane ezasemakhaya ngempelaviki eyedlule ngesikhathi kuhlelwe imidlalo yebhola likanobhutshuzwayo, kudlalelwa isiteki sika-R600.

Lemidlalo ibibanjelwe ezinkundleni zemidlalo zaseDanyini, kuwadi 7 ngaphansi kwentaba uPobobo. Amaqembu abengenele lemidlalo lilinye belingenela ngemali engu-R150. Ngokomqhudelwane iqembu elibambe indawoyesibili lihlomule ngo-R150, kwathi elidle umhlanganiso lona lemuka nesambasika-R450.

Kowamanqamu kutholane phezulu iDanyi FC ne-Freedom City FC, kwathi iDanyi ledlula ngo-3-2, lakhala lemuka nesamba semali engu-R450.

Lo mqhudelwano ubonise ukubaluleka kokubakhona kwezindawo zokudlala kubantu abahlala ezindaweni zasemaphandleni, nokubanikeza amathuba okuzigcina bematasa ukuze bagweme ukwenza izinto ezingezinhle ezimpilweni zabo.

  AUTHOR
Steven Makhanya

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Selidumela emansumpeni kwi-Mandela Marathon